Sikhalisana nani kakhulu, kusho umengameli kwabashonelwe yizihlobo

2017-07-07 11:15

Lilongwe – Kushone izingane eziyisikhombisa kanye nomuntu omdala oyedwa ngesikhathi kunesiminyaminya enkundleni yezemidlalo eMalawi ngoLwesine nalapho bekugcwele khona inqwaba yabantu abebehambele umgubho wokuzimela kwezwe, amaphoyisa asho kanjalo.

Lesi siminyaminya senzeke ngesikhathi kuvulwa amasango enkundleni yezemidlalo emumatha abantu abangu-40 000, iBingu stadium, nokuyinkundla yezemidlalo eseNhlokodolobha yezwe, iLilongwe. Kule nkundla bekulindeleke ukuba uMengameli wezwe athule inkulumo kuphinde kudlalwe nomdlalo wokubungaza lolu suku oluyiholide lwaminyaka yonke.

“Abantu abangu-8 – izingane ezingu-7 ezilinganiselwa iminyakeni engu-8 ubudala, kanye nomuntu oyedwa omdala bashonile,” okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uJames Kadadzera, utshele i-AFP.

Uthi bangu-62 abantu abalimele kanti bathola ukwelashwa esibhedlela esikhulu eLilongwe.

“Uhulumeni wami uzokwenza konke ongakwenza ukulekelela imindeni elahlekelwe,” uMengameli Peter Mutharika usho kanjalo emkhulekweni wosuku lokuzimela kwezwe.

“Sikhala kanye nani.”

OLUNYE UDABA: Kushone abangu-8 kusuka isiphithiphithi enkundleni yezemidlalo

UMutharika umise inkulo yosuku abezoyethula kanye nomdlalo webhola.

Okunalokho uvele wavakashela abantu abalimele esibhedlela waphinde waduduza imindeni ebizolanda izidumbu  zezihlobo zazo emakhazeni,” okhulumela  uMengameli, uMgeme Kalilani, utshele i-AFP.

 UKalilani uthe umdlalo webhola phakathi kwezinkunzi zakuleleliya lizwe, iNyasa Big Bullets kanye neSilver Strikers, usazoqhubeka ukugwema ukuphoxa izinkulungwane zabantu abahambele le ndawo besuka kude ukuzobukela umdlalo.

UNgqongqoshe wezemiDlalo, uHenry Mussa, ubephakathi kwezithunywa ebezibukela umdalo.

 IMalawi, ngaphambilini eyayaziwa ngeNyasaland, yathola ukuzimela kuhulumeni wengcindezelo weBritain ngonyaka ka-1964.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...