Sibi isimo endondeni ebhaxabulwe kubangwa umqwayizi

2017-09-23 08:33

Bulawayo - Ilwela impilo yayo indoda yaseMvurwi esibhedlela iParirenyatwa, eHarare ngemuva kwezinsolo zokushaywa ngamadoda amabili kubangwa umqwayizi.

Imithombo, ithi uNigel Barara, 21, odume ngelikaNyonyinyo usegumbini labagula kakhulu esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa eward 1 elokishini laseSuoguru ngesikhathi kubangwa umqwayizi.

"UNyonyinyo njengamanje usesimeni esibucayi esibhedlela ngemuva kokuthola isibhaxu esinzima emadodeni amabili ahlonzwe ngelika-Oliver no-Oscar ngomhlaka-18 Septhemba.

OLUNYE UDABA:Buka: Owesifazane oshadile etalabha umqwayizi obezitika ngocansi nomyeni wakhe

"Isisulu besifuna umqwayizi waso esimjwayele ngesikhathi ehlezi no-Oliver ekilabhini yaseDundere.

"Asikholwanga ngesikhathi sibona umqayizi waso enenye indoda," kusho umthombo.

Yize kunjalo, akucaci ukuthi uNyonyinyo ushaywe kanjani, ima esazobhala isitatimende emaphoyiseni.

Ngokwembiko kadokotela ebonwe ngabezindaba, uNyonyinyo wathola amanxeba amabi emzimbeni wavuvukala nasekhanda.

U-Oliver no-Oscar kusolwa ukuthi babaleka ngemuva kokusabalala kwamahlebezi mayelana nokudlula emhlabeni kwaNyonyinyo ngoMsombuluko.



 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...