Sesifinyelele ku-15 isibalo sabashonile ngemuva kokudla amankowankowane

2018-03-10 09:23

Harare - Sekushone amanye futhi amalungu omndeni waseFilabusi ngemuva kokudla amankowankowane, okusho ukuthi sesimi ku-15 isibalo sabantu ababulawe yila makhowe anobuthi.

Kuthiwa la mankowankowane bawadla ngoMgqibelo, umuntu wokuqala washona ngoLwesibili kwathi omunye washona ngoLwesithathu. Abanye bashonele esibhedlela iMpilo Central ngempelasonto.

Abanye abantu abashonile ngabaseMberengwa nabo abadle la mankowankowane, kubika iChronicle.

UMqondisi wezempilo eMpilo Central Hospital uDkt Solwayo Ngwenya ukuqinisekisile ukushona kwamalungu amabili omndeni waseFilabusi.

Uthe abanye abantu abane basasesibhedlela kanti oyedwa usegumbini labagula kakhulu.

“Ngithole ucingo lungazisa ngabantu ababili abangeniswe esibhedlela iFilabusi Districy ngezintatha zayizolo. Ngeshwa enye ingane ishone isanda kufika, kwathi le enye yashona ngabo-04:00,” esho.

Imibiko yabezindaba zakuleliya lizwe ithi ubaba, uTenious Shoko, wathumela indodakazi yakhe ukuba iyokha amakhowe abazolala bewadle njengesishebo ngoLwesibili wesonto eledlule.

Lo mndeni wabe usuhlatshwa wukugula ngakusa wabe usuphuthunyiswa esibhedlela. Amalungu amathathu alo mndeni ashona ngoLwesine olwedlule, kwathi lawa amanye ayisikhombisa ashona ngempelasonto.

Ngemuva kwezimvula ezinkulu, amakhowe aba yinala, kanti iziphathimandla zixwayisa abantu ukuba bangabeki izimpilo zabo engcupheni ngokudla amakhowe abawakha ehlathini.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...