Seqile ejele isiboshwa esingawutholanga ushwele kamengameli

2018-03-31 11:37

Bulawayo - Owesilisa owalahlwa yicala lokushaya ubaba wakhe kubikwa ukuthi weqile ejele ngemuva kokungawutholi ushwele kaMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa, kubika iChronicle.

Umbiko wephephandaba uveza ukuthi uJohn Ncube wagwetshwa izinyanga ezingu-21 ngemuva kokulahlwa yileli cala.

UMnangagwa wadedela iziboshwa eziyizinkulungwane ezintathu ngoshwele njengengxenye yomkhankaso wokuzama ukwehlisa ukugcwala ngokweqile emajele akuleliya lizwe.

OLUNYE UDABA: Ubephume ngoshwele ejele owabulala intombi wagqiba isidumbu

Okhulumela ezamajele eZimbabwe, uBothwell Bosha, uthe kunophenyo oluqhubekayo ngokweqa kukaNcube ejele eliseLupane ngoMsombuluko.

"Ngingaqinisekisa ukuthi uNcube ubedonsa isigwebo sezinyanga ezingu-21 ngemuva kokulahlwa yicala lokushaya kanti weqe ngoMsombuluko. Kunophenyo oluqhubekayo ukuhlonza ukuthi ngabe weqe kanjani," esho.

UNcube ugwetshwe ngoFebhuwari 19 nonyaka yiNkantolo yeMantshi yaseLupane ngemuva kokugojelwa yicala lokushaya ubaba wakhe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...