Sekubulawe 3 okhethweni lwaseKenya

2017-10-27 08:01

Nairobi – Bathathau abantu asebedutshulwe babulawa ngoLwesine njengoba umbhikisho weqembu eliphikisayo uqubule udlame ngesikhathi kuvotwa kabusha eKenya, kusho imithombo esondelene namaphoyiseni nesibhedlela.

Owesilisa oyedwa ubulawelwe eMathare, eNairobi, okungenye yezindawo lapho ababhikishi bezame khona ukuvimbela ukuvota okhethweni oludutshwe ngumholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga, kwaba nokulizisana namaphoyisa.

"Ngisanda kuthola isiqiniseko sokuthi udutshulwe ekhanda,” kusho umqondisi waseDrugnet hospital, uDickens Osimba.

OLUNYE UDABA: Ivelile indoda eyabulala amadodakazi yalimaza umkayo

Isitatimende samaphoyisa esikhishwe ngu-Inspector general George Kinoti, sithe kudutshulwe kwabulawa omnunye umuntu entshonalanga yeHoma Bay "lapho khona iqeqebane Labantu lihlasele khona isikhungo samaphoyisa…amaphoyisa avulela ngenhlamvu ezivikela.

Phambilini imithombo esondelene namaphoyisa nesibhedlela ikuqinisekisile ukuthi kubulawe umfana oneminyaka engu-19 eKisumu.

Ukushona kwalaba kusho ukuthi sebengu-43 abantu asebebulewe kusukela ngokhetho lwango-Agasti 3, kanti iningi libulawe ngamaphoyisa.

Ukhetho lubanjwe kabusha kulandela ukuba iNkantolo eNkulu yaseKenya ichithe imiphumela yokhetho lwango-Agasti ngenxa yokungalandelwa kwemigomo efanele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...