Sekuboshwe abantu abangu-27 abasolwa ngokuphila impilo yobutabane

2017-10-04 08:17

Cairo - Abezokuphepha e-Egypt bathi amaphoyisa asenyuse amasokisi emkhankasweni wawo wokubopha labo abasolwa ngokuphila impilo yobutabane, njengoba sekuboshwe abantu abangu-27 esikhathini esingangeviki.

Zikhuluma ngoLwesibili, izikhulu zithe laba abangu-27 baboshwe kusukela amaphoyisa ephume inqina ngomhlaka-25 Septhemba. Laba ababoshiwe bahlanganisa abesifazane nabesilisa kanti bazobekwa icala lokuzibandakanya ocansini ngendlela engahloniphekile.

Lezi zikhulu zicele ukungadalulwa amagama azo ngoba azivumelekile ukuphawula kwabezindaba.

Ubutabane buyinto ebukwa njengelumbo e-Egypt kwabenkolo yamaSulumane kanye namaKrestu, kanti futhi kuyicala elibomvu ngokomthetho wezwe.

Uma umuntu kutholakala ukuthi uphila impilo yobutabane uyaboshwa bese ebekwa icala "lokuxegelwa yisimilo" nelokuzibandakanya ocansini ngendlela engahloniphekile nengenasimilo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abantu abangu-20 abasolwa ngobutabane

Amaphoyisa aphuma lo mkhankaso nje kulandela ukwanda kwamafulegi aqhakambisa ubutabane abonakale ngesikhathi kunekhonsathi eCairo.

Lo mnyakazo usugxekwe kakhulu yizinhlangano zomhlaba zamalungelo abantu.

Kwesinye isigameko ngenyanga eyedlule kuboshwe abantu abangu-20 eZanzibar, eTanzania, esigamekweni sakamuva samaphoyisa aphume umkhankaso wokulwa nobutabane.

Laba besifazane abangu-12 kanye namadoda angu-8 baboshwe ehhotela lapho ababefundiswa khona nge-HIV/Aids yinhlangano engenzi nzuzo.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...