Sebesaba nokubuya ekhaya abashadikazi abahlaselwa yizipoki ebusuku

2017-01-29 15:03

Bulawayo - UPhilip Nhlabathi nomkakhe balala bejeqeza zinsuku zonke ngoba bethi bahlaselwa imimoya emibi kanti futhi ibahlasela inoma inini ikakhulukazi ebusuku.

UPhilip uthi lokhu kwaqala ngobunye ubusuku yena wayelele egumbini lokulala, umkakhe uBeatrice yena wayehleli egumbini lokuphumula ngesikhathi bezwa inqwaba yamatshe ishaya wonke umuntu endleni.

Uthi babona kuwa namaqanda kusukela ophahleni lwendlu esaphazeke phansi.

OLUNYE UDABA:'Izipoki' bezidla uMnyango u-R2.3m - Umbiko

Uqhubeke wathi kwakunkenketha umzimba wonke ngemuva kokuhlaselwa ngamatshe, kubika iMyZimbabwe.

"Lobu buhlungu buzwakala ebusuku kuphela, kodwa ekuseni sivuka sengenalutho singenawo ngisho amanxeba emzimbeni futhi engasabonwa nokubonwa lawa matshe abebashaya.

Lo baba uthi lokhu kuyindida kakhulu futhi akuchazeki kodwa yena nomkakhe baqala ukuphila ngale ndlela kusukela ngo-2012.

UNhlabathi,67, nomkakhe, 62, uthi bazoze bafele kule ndawo benganakwa wumuntu ngoba nezihlobo kazibakholwa uma bebika loludaba kanti nezinyanga sezazama zahluleka ukubasiza.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...