Sebengu-189 abashone kuqhuma ibhomu elinamandla

2017-10-15 14:46

Mogadishu – Isibalo sabantu abashone kuqhuma ibhomu elinamandla kakhulu eSomalia sesinyukele ku-189 kanti bangaphezu kuka-200 abalimele, nokwenza lesi sigameko sibengesibulale abantu abaningi kwezake zenzeka kuleliya lizwe, kusho imithombo emaphoyiseni nasesibhedlela ngeSonto.

Odokotela bathwele kanzima emizameni yokusiza izisulu ezilimele, iningi lazo ezishile. Izikhulu zinokwesabela ukuthi isibalo singase senyuke kakhulu.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda edle ukudla kubo kamngani wayo

Imithombo ayifunanga ukudalulwa ngenxa yokuthi ayivunyelwe ukukhuluma nabezindaba.

"Eminyakeni eyishumi ngisebenzela eMogadishu, angikaze ngiyibone into efana nale,” kusho owe-Aamin Ambulance.

UMengameli Mohamed Abdullahi Mohamed umemezele izinsuku ezintathu zokuzila waphinde wanxusa abantu ukuba banikele ngegazi njengoba lidingeka kakhulu ezibhedlela ezikhathini ezinjena.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...