Owesimame watshala ubhatata lapho agqiba khona isidumbu sendodakazi

2017-10-18 19:32

Zambia- Amaphoyisa asifundazweni esisenkabeni yezwe iZambia abophe owesimame, 36, ngecala lokubulala indodakazi yakhe angayizali.

Kukholakala ukuthi lo wesimame wafaka isidumbu sale ngane eneminyaka engu-8 ubudala esakeni wasishiswe, wase emngcwaba emgodini egcekeni lakwakhe ngoDisemba wangonyaka odlule.

Kuthiwa lo wesimame waqhubeka nempilo yakhe waze watshala nobhatata lapho angcwaba khona le ngane.

Ngokubuka kwephephandaba iLusaka Times lo wesimame waboshelwa ukushisa umyeni wakhe, 35, ngamanzi abilayo elele ngemuva kokubuza ngendodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Ake sibheke udaba lwengane ezalelwe ekhaya

Ngaleso sikhathi lo nkosikazi kuthiwa wayetshela umyeni wakhe ukuthi ingane isihlala esikoleni endaweni yaseMwachisompola kwaze kwabawukuthi kuphela amanga indoda ilokhu ibuze njalo nokuyilapho ayishise khona.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe, ukhombise amaphoyisa lapho isidumbu sengane asingcwaba khona esesishisile.

Kuthiwa ingane wayibulala ngokushayisa ngakhanda odongeni. Amaphoyisa akhiphe amathambo ale ngane awadulisela emndenini ukuze bayingcwabe ngesizotha.

Lo wesimame ubhekene necala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala umyeni wakhe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...