Owesilisa uxoshelwe ukukhuleka isikhathi eside esontweni

2018-05-09 19:08

Ukuholwa wuMoya oyiNgcwele uma ethandaza sekumngenise enkingeni owesilisa okhonza ebandleni iChristian Brethren Church, eMagubheleni, eSwazini.

UNjabulo Dlamini uxoshiwe esontweni ngemuva kwesinqumo esithathwe yikomidi labaholi bebandla.

Ngokusho kukaDlamini, ukukhuleka isikhathi eside kakuyona into angakwazi ukuyilawula ngoba usuke eholwa wuMoya kaNkulunkulu, kubika iTimes of Swaziland.

Isikhathi esiningi uma ngithandaza, uMoya oyiNgcwele ungitshengisa izinto ezimbi ezihlasela ibandla ezidinga umkhuleko onamandla," esho.

Njengokujwayelekile, uthi wafika esontweni ngabo-10:00 ngaphambi kokungena kwesonto ngo-11:00 wathandaza futhi edumisa isikhathi esiyihora.

Uthi njengenxusa akabonanga ukuthi kukhona okungalungile ngesenzo sakhe.

UDlamini uthi kwesinye isikhathi ubekhuleka uma umfundisi eseya epulpiti, okuyinto eyayibanenga abanye abazalwane.

"Ngangenza lokhu ngoba ngendlala isisekelo ukuze uma umfundisi eseshumayela akhulume inhliziyo kaNkulunkulu," kuchaza uDlamini.

Uthi ibandla alikaze nakanye limkhuze noma limtshele ukuthi kunemithetho yebandla okumele ilandelwe.

Ngokusho kukaDlamini, abazalwane bayekelela kakhulu izinto futhi abaziniki isikhathi sokuxhumana noNkulunkulu ngomkhuleko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...