Owesilisa uvuse amagqubu washaya, wagwaza umakhelwane wakhe

2017-08-18 07:01

Bulawayo - Isobishini indoda yaseFort Rixon eMatabeleland South, eZimbabwe, ngemuva kokuba ihlasele umakhelwane wayo ngenduku yaphinde yamgwaza imsola ngokuyisha kudala.

Lokhu kuzwakale ephambi kweMantshi yeNkantolo yaseBulawayo, uGlamore Mushove, ngesikhathi uCollet Tshuma, 40, evele khona ngecala lokushaya.

Icala lihlehliselwe umhlaka-24 Agasti.

Inkantolo ilalele ukuthi uTshuma washaya uMelusi Khanye, 27, ngomhlaka-29 Meyi ngonyaka owedlule. Kusolakala ukuthi ummangali nomsolwa babesemzini kaTshuma ngesikhathi kunephathi yomndeni.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ushaye amsola ngokumthathela umyeni ngesitini

UKhanye waya kuMlungisi Phiri, ongumngani kaTshuma, owayenomunye umsolwa yena osagcwele amathafa wambuza ukuthi wayemshayelani kudala.

Kwaqubuka ingxabano uTshuma wangenelela ngaphambi kokushaya uKhanye ngasesweni ngomshiza waphinde wamgwaza emhlane ngo-Okapi.

UKhanye wabaleka endaweni yesigameko kodwa walimala kuso lesi sigameko.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...