Owesilisa uvele enkantolo ngokubiza uMengameli omusha ngombulali

2017-12-18 14:01

Harare – Owesilisa waseZimbabwe uvele enkantolo ngemuva kokuthweswa icala "lokwethuka" uMengameli Emmerson Mnangagwa, kusho umbiko.

UGustiv Kativhu uthweswe icala ngokubiza uMnangagwa ngombulali engqungqutheleni yakamuva yeZanu-PF, ngokombiko we-New Zimbabwe.com.

UKitivhu ubanjwe waboshwa eRobert Mugabe Square lapho iqembu elibusayo liqinisekise khona ngokusemthethweni uMnangagwa njengomholi walo ngoLwesihlanu.

UKitivhu, 45, ubebhikisha ngaphandle kwalapho obekubanjelwe khona ingqungquthela, ephethe izingqwembe ezizwakalisa ukungagculiseki kwakhe ngoMengameli Mnangagwa.

OLUNYE UDABA: Kuzomiswa izinhlelo zomkhwenyana wendodakazi kaMugabe

Ezinye zazo bezifundeka kanje: "UMnangagwa wabulala umngani wami. I-Zanu-PF inikeza iChina imisebenzi."

Ezinye izingqwembe bezithi ukhetho luka-2018 kumele luqashwe yi-United Nation. 

UKativhu enkantolo uphinde wakugcizelela ukuthi uMnangagwa ungumuntu ohlukumezanayo, emsola ngokuthi uzama ukuphatha izwe ngendlela elaliphethwe ngayo ngabacindezeli.

"Bengifuna ukumtshela ukuthi wabulala umngani wami," iphephandaba licaphuna yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...