Owesilisa utholwe enecala lokuphinga enkantolo

2016-03-07 13:36

Bulawayo - Owesifazane ubesekulungele ukubulala umyeni wakhe ukuze ezokwazi ukujola kahle neshende lakhe , lokhu kuzwakale enkantolo yaseMatero.

Inkantolo ilalal ukuthi  iminyaka engu-17 uSusan Phiri ayichithe nomyeni wakhe ayisho lutho ngoba akufunayo nje ukuba neshende lakhe ngaso sonke isikhathi.

Ngesikhathi uSimon Phiri, 42, ezwa ukuthi ukuthi kuqhubekani wabamangalela wafuna isinxephezelo enkantolo.

IZambia Daily Mail ibike ukuthi uSimon waseChipata utshele inkantolo ukuthi uDaniel Phiri, 26, waseKabanana ubelokhu ejola nomkakhe uSusan oneminyaka engu-34 ubudala.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ungqongqise umndeni nomuzi-Umbiko

USimon esola ukuthi kukhona okuqhubekayop, njengoba engusomabhizinisi wazenza umuntu ozobe ehambele umsebenzi ngomhlaka-24 Febhuwari.

"Ngabuyela ekhaya kungakapheli nemizuzu emningi ngihambile ngafica uSusan esocingweni ebuza lo ayekhuluma naye ukuthi uyile yini ukuyohlolela i-HIV waze wathi uzomphelezela uma eseyohlolela igazi emtholampilo," usho njalo.

Ngesikhathi uSimon esethole iselula kaSusan wathola imiqhafazo ejulile phakathi kwakhe noDaniel,

"Komunye wemiqhafazo uSimon wazenza uSusan wakhuluma noDavid bahlela ukuhlangana edolobheni.

Ngesikhathi uSimon ehlangana noDavid, uSimon wakhomba uDavid esiteshini samaphoyisa wafike wamvulela icala lokuphinga.

USusan uvumile enkantolo ukuthi ubejola noDaniel.

Inkantolo ithole uDaniel enecala lokuphinga, uSusan wayalelwa ukuba anxephezela uSimon, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...