Owesilisa utholakale namathambo omuntu okwambiwa ithuna lakhe

2017-03-18 10:30

Lilongwe – Amaphoyisa aseMalawi athi uphenyo luveze ukuthi amathambo atholakale kowesilisa oboshwe eLilongwe ngeledlule ngawomuntu onebala elimhlophe, owashona eMchinji ngonyaka odlule, umbiko.

Ngokombiko weMalawi 24, okhulumela amaphoyisa uKaitano Lubrino uthe uphenyo lwesikhashana luveza ukuthi amathambo atholakale ngawaSpiriano Felix owangcwatshwa ngo-Ephreli 20 ngonyaka odlule, kodwa ithuna lakhe latholakala selimbiwe ngoMeyi 6.

OLUNYE UDABA: Usinde kukubi owesifazane oyi-Albino

ULubrino uthe kwatholakala ukuthi imilende yesidumbu sikaFelix kanye nezingalo kwakunqunyiwe, nokwenza amaphoyisa aqalisa uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ngeledlule wathi, kuzohlolwa amathambo ukuthola ukuthi ngawabani. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...