Owesilisa ugqeme omunye ngembazo emsolwa ngokujola nomkakhe

2017-05-29 19:31

Harare -  Owesilisa usolwa ngokugqema isoka lomkakhe ngembazo ngaphambi kokuhlasela umakhelwane ngenguzunga yetshe.

Lokhu kuvele enkantolo lapho kuqulwa khona icala likaCinema Chitepfa,27, waseMarlborough.

Kuthiwa umsolwa ugasele emzini ka-Aleck Sesa eyomqulisa elokuthandana nomkakhe.

Umsolwa uklabhe uSesa ngembazo ebusweni waquleka.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe ocishe wabulala ngembazo abephuza naye

Uthe ezama ukumphinda futhi kwafika umakhelwane kaSesa uNever Damiano ezolamula.

UDamiano uhlulekile ukuthatha imbazo kulo msolwa obedinwe egane unwabu.

Usolwa ucoshe itshe wagqema uDamiano ebusweni ngaphambi kokubaleka, kubika iBulawayo24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...