Owesilisa udlwengule ingane, 6, emlindelweni womngcwabo

2018-04-08 17:46

eBulawayo -  Owesilisa waseGokwe usolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka eyisithupha, kubika iBulawayo24.

Kuthiwa lo mlisa ucathamele lengane ilele nomzala wayo ngesikhathi kunomlindelo.

Lo mlisa ogama lakhe nguDiverson Were wasendaweni yaseZhangazha uvele ngaphambi kweMantshi uChristopher Maturure ebhekene namacala amabili okudlwengula.

Lo mlisa akabuzwanga ukuthi uyaliphika noma uyalivuma icala kodwa lihlehliselwe umhlaka 12 kwephezulu.

OLUNYE UDABA: Uphindiselwe ejele ngecala lokweba okhishwe ngoshwele

Inkantolo izwe ngalesi sigameko esenzeke ngonyaka ophelile ngesikhathi kunomlindelo womgcwabo.

Kuthiwa umsolwa ngezithuba zika-23h50 ebusuku ngesikhathi kuqhubeka umlindelo, wacathamela lengane ilele nomzala wayo wayidlwengula.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...