Owesilisa 'ubulale' umngani ngoba emshiye yedwa ethaveni

2017-04-10 16:01

Bulawayo - Kubulawe indoda yaseBulawayo ogamalayo nguTapiwanashe Mutakaya, 43, ngesihluku kulandela ukugencwa ngumakhelwane wakhe ngembazo kwasaphazeka ubuchopho phansi.

Lo makhelwane usole uMutakaya ngokumshiya ethaveni.

Lesi sigameko esihlasimulisa umzimba senzeke ngezithuba zabo-21:00 ngoMgqibelo eRMS Transport Residential Quarters ngaku-Old Khami Road, kubika iChronicle.

OLUNYE UDABA:Usesimweni esibucayi ogencwe nguyise ngembazo

U-Antony Ndlovu owahlasela uMutakaya waboshelwa endaweni yesigameko.

Onogada bakule ndawo bathe balamula uNdlovu noMutakaya ngemuva kokuxabana beshayana ngamaqupha esangweni.

Ngemuva kwesikhashana belanyuliwe, uMutakaya kusolwa ukuthi walandela uNdlovu, yaqala phansi ingxabano.

UMutakaya kuthiwa wafike washaya isicabha sikaNdlovu emsabisa ngokumbulala phambi kwenkosikazi yakhe, kusho umakhelwane etshela iThe Chronicle.

"Wamthuka, emsola ngokuba umngani omubi ngokumshiya ethaveni yedwa. Lokhu kwaholela ekutheni la madoda aphinde abambane ngezandla futhi," usho njalo.

ULovemore Chimhene, 53, ongumshana kaMutakaya, uthe umalume wakhe ushone kabuhlungu waphinde wathi uNdlovu kwakungathi uphithanelwe yikhanda, ememeza ethi ubulale umuntu.

UChimhene uthe laba bobabili, abebesebenza ndawonye, babephuza obhiya ethaveni ntambama ngaphambi kwesigameko.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...