Owesilisa ubulale umkhwekazi abemsola ngokuthakatha

2017-07-01 10:14

Kwekwe – Owesilisa waseZimbabwe, okuthiwa usebenzisane nomkakhe kanye nomfowabo kankosikazi ukubulala umkhwekazi – ebebekholelwa ukuthi uyathakatha – uvelile enkantolo, ngokusho kombiko.

Ngokombiko wephephandaba iChronicle, uLawrence Moyo ukhiphe elinye lamazinyo ka-Inna Ncube,53, abekholelwa ukuthi ubethakatha ngalo abantu.

Waphinde wamgxoba esiswini izikhawu eziningi.

UMoyo utshele iNkantolo yeMantshi yaseGweru ukuthi wayemkhipha imimoya emibi.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi ubanjwe elele neshende, kubonwa ngokusa kumyeni esibhedlela

UMoyo akabuzwanga ukuthi uyalivuma yini icala, kodwa uvumile ukuthi ubulale umkhwekazi esizwa ngumkakhe kanye nomfowabo.

Ucashunwe ethi umkakhe nguyena owamtshela ukuthi uNcube unezinyo athakatha ngalo.

UMoyo ugcinwe esitokisini kuze kube uyavela futhi ngoJulayi 11, njengoba kusalindwe isinqumo ngesicelo sebheyili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...