Owesilisa ubulale izingane zakhe ethola ivideo yazo yocansi

2016-06-15 17:33

Harare - Ubaba okhathazekile ugence izingane zakhe ezimbili ngembazo ngemuva kokuthola ivideo yazo yocansi kwiselula yendodana yakhe ebandakanaya indodana yakhe eneminyaka engu-23 ubudala nendodakazi yakhe esencane eneminyaka engu-17 ubudala.

Le video yemizuzu emithathu isizungeze ezinkundleni zokuxhumana kanti kubikwe ukuthi isigameko senzeke eSoshanguve ePitoli eNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Indoda igence unkosikazi ngembazo yase izilengisa

Kwabikwa ukuthi lo baba waboleka iselula yendodana yakhe efuna ukushaya ucingo kodwa wagcina eseyiphequlula ebuka izithombe waze wathola nevideo yocansi.

Edinwe egane unwabu lo baba waboleka imbazo wagenca indodana yakhe eyayinaye ngaleso sikhathi iklinde iselula. Ngaso sikhathi indodakazi yakhe yayisasesikoleni lo baba wayilinda yaze yabuya esikoleni. Ngesikhathi ifika ibuya esikoleni lo baba wayigenca ngembazo nayo esiphongweni yashona ujuqu.

Omakhelwane bathi lo baba ungubaba oqotho obezama konke okusemandleni akhe ukunakekela umndeni wakhe kulandela ukushona kwankosikazi ngo-2013. 

"Akukholakali okwenzekile. Lo baba wenza umsebenzi wokuba ngunogada eqinisekisa ukuthi izingane zakhe azisweli lutho."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...