Owesilisa ubhaxabule unkosikazi ngokukhulelwa kwendodakazi

2017-10-03 19:31

Bulawayo - Kuzungeza i-video etshengisa indoda ishaya unkosikazi wayo ngoba idinwe ukuthi ithole ngokukhulelwa kwendodakazi yabo.

Kuzwakale ukuthi isigameko senzeke endaweni eseChiredzi, eZimbabwe.

Kule video kubonakala owesifazane ebhaxwa yindoda okufanele engabe yiyo emvikela kokubi, engumyeni wakhe. Lo wesifazane ubonakala ebhuquza phansi ekhala ezwa izinhlungu kepha le ndoda ingezwa mshini iqhubeka nokumqlhulula ngenduku.

OLUNYE UDABA:Uzilengisile obanjwe enza ucansi nogogo wakhe

Lo wesifazane ube esememeza ethi: "Yima, ngale kwalokho ngizokubika emaphoyiseni".

Kodwa, le ndoda izwakala ithi "hamba uyowabikela, uzobona" ibe iqhubeka nokumbhambabula ngale nduku.

Akucaci noma isisulu sigcine siwabikele yini amaphoyisa ngodaba. 

Buka le video kuBulawayo24.com

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule indoda yaseKenya yabhaxabula kanzima inkosikazi yakhe ezithwele ngezinsolo zokweba imali ayeyishiye emzini wabo.

Ngokombiko weThe Star uJusta Kawira, 22, wangeniswa esibhedlela eNairobi ngemuva kokuba umyeni wakhe weminyaka engu-6, uJohn Wachira, amtalabha ngemuva kwezinsolo zokweba imali.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...