Owesilisa, 22, utholakale nekhanda lomuntu kanye nesitho sangasese - Umbiko

2017-06-26 11:00

Gwanda – Owesilisa,22, waseZimbabwe kubikwa ukuthi uboshiwe ngemuva kokutholakala nekhanda lomuntu nesitho sangasese sowesilisa, esigamekweni okukholakala ukuthi sihlobene nokubulelela ukwenza umuthi.

Ngokombiko we-ZBC, uHonest Moyo, waseMawane eGwanda uboshwe ngeledlule ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe yizakhamuzi.

Umsolwa kubikwa ukuthi ube eseholela amaphoyisa endaweni okulahlwa kuyona udoti eCollen Bawn, nokuyilapho kumbiwe khona isidumbu sowesilisa ebesesonakele.

UMoyo utshele amaphoyisa ukuthi ubethenjiswe ukukhokhelwa u-$25 000 ngezicubu zomzimba.

OLUNYE UDABA: BUKA: Amaphoyisa eshaya owesilisa emgwaqeni

Umsolwa uthi akambulalanga umufi kodwa umthole efile kule ndawo, wabe esemnquma.

Umbiko wephephandaba iChronicle uthi uMoyo ubonwe ngumzala wakhe egcwele igazi ngesikhathi ezomvakashela.

Umzala wakhe, uThandolwenkosi Ndlovu, ucashunwe ethi uzwe amahlebezi okuthi umzala wakhe ugcine ikhanda lomuntu ngesikhathi emvakashele ngoLwesine.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...