Owesifazane "uzidubule wazibulala ethatha iSelfie"

2016-06-09 16:00

Nairobi - Kuboshwe indoda ngoMsombuluko ngokubandakanyeka esigamekweni sokushona kowesifazane waseKenya esemzini wale ndoda ngesikhathi kuqhuma isibhamu ayesiphethe esandleni ezithatha isithombe, kusho umeli.

Usomabhizinisi uRichard Alden, 53, waphuthumisa uGrace esibhedlela esiseduzane nasemzini wakhe eNairobi ngoMgqibelo lapho afike ahlonzwa khona njengoshonile efika esibhedla, kusho umeli u-Evans Monari etshela iReaters.

OLUNYE UDABA: Ungeniswe esibhedlela ozame ukuthatha iSelfie neyoka

"Kulokhu engikuzwile, ubethatha "amaselfie" ngesikhathi kuqhuma isibhamu," usho njalo eqhuba ngokuthi isigameko sibandakanya isibhamu nokuthi siqhume ngesikhathi umngani wakhe uWangeci esemzini ka-Alden eKaren emsiza ngokuthutha.

"U-Alden uthi akazange amdubule," kusho uMonari.

"Intombazane izidubukle yona ngephutha."

UMonari uthe u-Alden uzophinde avele enkantolo ngoLwesihlanu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...