Owesifazane ushonele emzini womphrofethi

2017-08-30 13:59

Guruve - Owesifazane oneminyaka engu-21 ubudala waseGuruve epulazini iNyamanji kusolwa ukuthi ushonele emzini womphrofethi lapho abeyohlola khona kulandela ukuxinwa wukugula isikhathi eside.

Isihlobo sikamufi, uMai Musikeri, siqinisekise ukudlula emhlabeni kwalo wesifazane sathi ubeyilungu leMarange Apostolic Sextion, okuyibandla labangakholelwa ekutholeni usizo lodokotela.

"Lo wesifazane ugule isikhathi eside kanti futhi ubengakaze alubhade esibhedlela njengoba lokho kumelene nebandla iMarange.

OLUNYE UDABA:Kugwetshwe 'umphrofethi' ngohide lwamacala

"Umufi waya kumphrofethi ngomhlaka-17 Agasti lapho okwamenela khona.

"Wabekwa endaweni yakhe yokugcina ngokukhulu ukushesha, amaphoyisa awazange abikelwe ngesigameko," kudalula umthombo.

Khonamanjalo, izakhamuzi zendawo azeneme ngokwenzekile njengoba nomngcwabo washeshiswa namaphoyisa angabikelwa.

Ezinye izakhamuzi zisola ukuthi umufi ubulewe yize ebegula.

 - Bulawayo24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...