Owesifazane ushaye amsola ngokumthathela umyeni ngesitini

2017-08-11 19:28

Guruve - Kube nomsindo endaweni yaseTengenenge eGuruve ngesikhathi owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala, u-Elizabeth Chidombo, eshaye owesifazane ngesitini emsola ngokumthethela umyeni wakhe.

IMantshi yeNkantolo yaseGuruve, u-Artwell Sanyatwe namuhla ulalele ukuthi ngomhlaka-2 Agasti 2017 uChidombo wangena ngezicabha emzini kaTazviona Chance ediniwe wafike wamsola ngokumthathela umyeni.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ubhunyele umyeni ngamafutha abilayo ebusweni

Umyeni kaChance wayekhona ngaleso sikhathi, kufika uChidombo ezomhlasela.

Umyeni kaChance wayezichitha izinsolo uChidombo wathukuthela wagana unwabu wathatha isitini wajikijela ngaso uChance.

Umshushisi uVenesencia Musiiwa utshele inkantolo ukutyhi umsolwa waze wabanjwa izandla ngumyeni wakhe owafika egijima ngemuva kokubona unkosikazi wakhe egcwele udlame kwamakhelwane.

UChidomo uliphikile icala, daba luhlehliselwe umhlaka-22 Agasti seluyoqulwa ngokugcwele.

 


 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...