Owesifazane udlise umyeni ebulawa umona wocansi lwenkosikazi yesibili

2017-03-24 19:30

Bulawayo - Owesifazane waseShurugwi, uSekai Chivhu, usolwa ngokudlisa umyeni wakhe ushevu emjezisela ukushadelwa ngunkosikazi wesibili owayevuma ukwenza ucansi noma yingasiphi isikhathi sosuku.

UCephas Chivhu washadelwa ngu-Emily Moyo, kanti lokho akuzange kwehle kahle kuSekai othe naye usakwazi ukwenelisa umyeni wakhe ngenkonzo yasekamelweni.

Yize kunjalo, ngokusho kwemibiko, uCephas wakhala ngoSekai ethi sekuphele unyaka emncisha ucansi.

"UCephas wabe esefezekisa izinhlelo zakhe zokushadelwa nguMoyo owathi akanayo inkinga yokwenza ucansi noma yinini uma efisa," kusho umthombo weB-Metro ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Udlise izingane ushevu ongafuni ukwamukelwa ukwaliwa yintombi

USekai kuthiwa wabe esefakela umyeni wakhe ushevu ekudleni.

"Ngemuva kokudla, uCephas wazwela izinhlungu wagingqika phansi, watholwa nguMoyo okunguye owabikela omakhelwane.

"UMoyo, ngosizo lomakhelwane baphuzisa umufi ubisi bemphoqa ukuthi aphalaze," kuqhuba umthombo.

USekai kuthiwa wavuma ukudlisa uCephas ushevu.

"Engakwenza ngakwenziswa ukucasuka njengoba wayehlezi engiqhoshela ngoMoyo ethi akuve ewenza kahle umsebenzi ekamelweni," kusho uSekai etshela iB-Metro.

UMoyo akasahlali kwakhe ngoba esesaba uSekai, kuphetha umbiko.


 - Bulawayo24

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...