Owesifazane 'ubulale umshana, wamngcwaba' egcekeni lomuzi abeqashe kuwona

2017-05-17 14:00

Bulawayo – Zimkhalele owesifazane oneminyaka engu-42 ubudala wakwaBulawayo endaweni yasePumula South osolwa ngokubulala umshana wakhe, wamgqiba egcekeni lomuzi ayeqashe kuwona.

UGladys Sibanda kusolwa ukuthi wabulala uThandeka Moyo ngoDisemba 9 ngonyaka odlule.

Amaphoyisa ambe isidumbu sakhe ngoMsombuluko ngemuva kokuba uSibanda elivumile icala kulandela ukukhuluma izinto ezishayisanayo uma ebuzwa ngokuthi ukephi umshana wakhe.

Owesilisa elingadalulwanga igama lakhe – naye oboshiwe – kuthiwa wasiza uSibanda ngesikhathi engcwaba ingane.

Kuthiwa uSibanda wahudula le ntombazanyana ilele nezinye izingane, wazama ukuyiklinya.

Imithombo ithi ngesikhathi uSibanda ehluleka ukuyiklinya, wayishaya ngekhanda phansi, yafa ujuqu.

OLUNYE UDABA: Ifuna ilungelo lokukhipha isisu ingane eyadlwengulwa

Amaphoyisa athi abengakayitholi imbangela yokubulawa kwentombazane.

Kuthiwa uSibanda waqale watshela amaphoyisa nezihlobo ukuthi uThandeka washona engozini yemoto eBotswana, wangcwatshelwa khona lapho.

Ngelinye ilanga, wathi washona ngesikhathi ehambe naye beye kumthandazi.

Ngemuva kwezinyanga kuqhubeka uphenyo, ugcine evumile ukuthi wambulala uThandeka, wamngcwaba egcekeni ngaphambi kokuba ahambe kulowo muzi.

Ibamba lokhulumela amaphoyisa kwaBulawayo u-Inspector Abednico Ncube ukuqinisekisile ukuboshwa kukaSibanda.

- Bulawayo 24

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...