Owesifazane ubhunyele umyeni ngamafutha abilayo ebusweni

2017-08-03 16:01

Bulawayo - Ubhunyelwe ngamafutha abilayo ebusweni owesilisa wase-Epworth  ngemuva kokuphinga.

URumbidzai Mandivenga, 19, uvele ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseHarare iJosephine Sande ebhekene nezinsolo zokuzama ukubulala.

Ubegqunywe esitokisini kusukela ngomhlaka-16 Julayi kulo nyaka. Inkantolo ngomhlaka-29 Julayi kulo nyaka ilalele ukuthi, uMandivenga uthole ukuthi umyeni wakhe ubezibandakanya ocansini nomqwayizi.

OLUNYE UDABA:Umastende ubhunyele isiqashi ngamafutha abilayo

Kusolwa ukuthi ngesikhathi ethola lokhu, uMandivenga waqhamuka necebo lokumjezisa umyeni wakhe.

UMandivenga wabilisa amafutha wabe eselinda umyeni wakhe ukuthi abuye ekhaya.

Ngesikhathi esefika, umyeni wangena endlini wabingelelwa ngokubhunyelwa ngamafutha ashisayo ebusweni.

Umyeni wabikela amaphoyisa uMandivenga waboshwa.


 - Bulawayo24


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...