Owesifazane ubabele enkantolo efuna kuqedwe indaba yokulotsholwa

2017-11-03 07:07

Harare – Ecaleni elibukeka njengelizoba yinqophamlando, owesifazane waseZimbabwe usebabele enkantolo enkulu kuleliya lizwe ngenhloso yokuphikisana nokukhokhwa kwamalobolo.

Lona wesifazane ufuna iNkantolo yoMthethosisekelo eHarare inqume ukuthi ukukhokhwa kwamalobolo kwenza owesifazane agcine esethathwa njengempahla nje ethengiwe.

Lona wesifazane uphonsela inselelo usiko olwenziwa yizizwe eziningi zendlu emnyama, noselube khona iminyaka ngeminyaka.

OLUNYE UDABA: Iboshiwe indoda 'ebulale' indodakazi ibalekela isondlo

Lona wesifazane, uPriccilar Vengesai, ongummeli eHarare, ufuna iNkantolo yoMthethosisekelo ibhekane ngqo nalolu daba.

UVengesai uthi udaba lokulotsholwa lwamenza ukuba agcine engasaziboni engumontu onesithunzi nobalulekile, njengoba lowo owayengumyeni wakhe ayehlala emlawula.

Emaphepheni awafake enkantolo ngokusho kwe-Herald, uthi ukulotsholwa akunandawo esikhathini sanlamhlanje.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...