Owesifazane, oyi-albino ushumpulwe isandla ehlaselwa

2016-07-18 13:35

Lilongwe - Owesifazane ophila nebala elimhlophe uhlaselwe ngabantu abangaziwa eChipita eMalawi, kubika iNyasa Times.

Isisulu esineminyaka engu-51 ubudala uLucia Kainga uhlaselwe ekuseni ngoMgqibelo, ngesikhathi kungena abantu bemhlasela ngocelemba nangezinduku bezama ukumshumpula befuna ukumsika isandla.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe isihlobo sizama ukudayisa umfana oyi-albino

UYohane Mfungwe uthe umyeni kaLucia uthe abahlasele unkosiakzi wakhe labantu bangena ngezithuba zabo-02:00 ngemuva kokuvula umnyango befuna ukuyosiza umuntu abamuzwa ekhala edinga usizo ngaphandle.

"Kwakukhona umuntu okhalayo ngaphandle emzini wethu. Ngaze ngathola sengivule umnyango ukuthi kwenzakalani, ngesikhatghi sengizithela phezu kwamdoda amane asihlasela sobabili," kusho le ndoda.

ULucia waphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ngemuva kokuhlaselwa, washumpulwa isanda sakhe sokudla.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...