Owesifazane obeyotheza uhlaselwe yingwenya, yambulala

2018-03-23 10:59

Harare - Ingwenya ibulale owesifazane eBudiriro, eHarare, eZimbabwe, kanti izikhulu zeziqiwi zixwayisa abantu ukuba bangayiweli imifula njengoba lezi zilwane sezidlangile kulezi zindawo, kusho umbiko weHerald.

UTsitsi Jambaya ubulawe yingwenya ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi ezama ukuwela umfula oseBudiriro, eningizimu-ntshonalanga yeHarare, eyotheza izinkuni, kusho okhulumela ezamapaki eZimbabwe uTinashe Farawo.

"Ubehamba nomakhelwane wakhe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Umakhelwane nguye ohlabe umkhosi waphinde wazisa nomndeni ngalo mshophi," kusho uFarawo.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana olunywe yingwenya ebhukuda

Izigameko zabantu abahlaselwa yizingwenya kazivamile eHarare, kepha ngemuva kwezimvula ezinamandla zakamuva zibonakala zidlangile izigameko zalolu hlobo.

Lokhu kudalwa wukugcwala ngokweqile kwemifula okuyikho okudala ukuthi izingwenya ziyobheka ezinye izindawo zokuhlala.

UFarawo uthe sekujutshwe abasebenzi basesiqiwini ukuba bayothungatha le ngwenya ebulale uJambaya.

"Sesithole imibiko eminingi mayelana nezigameko lapho abantu behlaselwa khona yizingwenya ngakho sinxusa imiphakathi, ikakhulukazi leyo eyakhelene nemifula, ukuba igweme ukuwela kuyo," esho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...