Owesifazane ecaleni lokubulala amawele akhe esanda kubeletha

2017-07-10 09:30

Harare – Owesifazane waseZimbabwe, 29, kuthiwa ubulale amawele akhe esanda kubeletha, ngaphambi kokuba asole umbelethisi ngokuwabulala, kusho umbiko.

Ngokombiko weNewsDay, uGladys Tsvuura waseDzivaresekwa entshonalanga yeHarare, uliphikile icala lokubulala ngesikhathi evele enkantolo ngeledlule.

Ufakazi woMbuso uShupikai Mbimbi, utshele inkantolo ukuthi uTsvuura wabeletha amawele ngoMeyi 19 eyedwa endlini aqashe kuyona.

Kuvele ukuthi ngemuva kokuzibelethisa amawele, wawafaka kuplastiki, wawafaka ebhakedeni lamanzi elingu-20lt.

OLUNYE UDABA: Uthuke kabi umama othole i-sms ehlasibulisa umzimba

Enye yezingane kuthiwa yakhala, nokuyinto okuthiwa yathusa umastende (uMbimbi), owabe esebiza umbelethisi wesintu ukuba azosiza ngenxa yokuthi uTsuvuura wayengabhukhanga esibhedlela.

"Wafika umbelethisi, kodwa uTsvuura wala ukuvula umnyango wendlu yakhe ngabe sengilunguza ngewindi ngambona ehlezi phezu kwebhakede. Umbelethisi wahamba, wabuya esehamba namaphoyisa amabili nokuyilapho avula khona umnyango,” kusho uMbimbi.

UTsvuura uyawaphika amacala, uthi owayekhona endaweni yesehlakalo ongayilandisa kahle inkantolo ngokwenzeka, kubika iNew Zimbabwe.com.

Ucashunywe ethi izingane zakhe azikhalanga, akazi ukuthi umbelethisi wazenzani kodwa akusiyena owazifaka ebhakedeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...