Oweqembu eliphikisayo uthi akusona isigwebo sentambo ukwelashelwa umdlavuza

2017-07-24 12:32

Harare – Umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe uMorgan Tsvangirai uthi ukwelashelwa isifo somdlavuza kuhamba kahle, ukulungele ukubhekena noMengameli Robert Mugabe okhethweni lwangonyaka ozayo.

Usho kanje kulandela amahlebezi abesesabalale ezinkundleni zokuxhumama okuthi usesalelwe yizinyanga ezinhlanu emhlabeni.

"Ngizizwa ngiphilile. Ukwelashwa kuhamba kahle. Kuthatha isikhathi nokho,” kusho uTsvangirai etshela iStudio 7, Voice of America.

UTsvangirai ngo-2016 kwatholakala ukuthi une-colon cancer. Ngasekuqaleni kwenyanga ubeseNingizimu Afrika ezokwenza i-chemotherapy.

OLUNYE UDABA: Uthi usephathw ayisilumo owaphindela umkakhe

"Njengoba nazi, ngiyelashwa. Akuyona into entsha leyo. Okumangazayo nje ukuthi uzwe abantu sebelwenza ihaba lolu daba, benze sengathi ukwelashwa kuyisigwebo sentambo. Akubona ubuntu ukufinyelela kuleso siphetho,” kusho uTsvangirai.

Uthi lokhu kwenziwa ngenhloso yokuba abantu babenokungabaza ukuthi uzokwazi yini ukungenela ukhetho ngonyaka ozayo njengoba egula nje.

Izwe laseZimbabwe kulindeleke libambe ukhetho ngoJulayi ngonyaka ozayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...