Oweqembu eliphikisayo ugxeke abantu ngokuvumela uMengameli aqhubeke nokuhola

2017-03-28 11:00

Harare – Lowo owayeyiphini likamengameli waseZimbabwe uJoice Mujuru kubikwa ukuthi ugxeke abantu bakuleliya lizwe ngokuvumela ukuthunjwa nguMengameli Mugabe njengoba siqhubeka nokungabi sihle isimo kuleliya lizwe.

"UMugabe uhlale ethi uma abantu baseZimbabwe bethi angiphume (esikhundleni), ngizophuma. Ngicabanga ukuthi kumele simvumele ahambe… empeleni ugcinwe ehhovisi ngabantu abadla ngaye, abacabanga ukuthi ukumgcina kuleli hhovisi yikhona kuphela okungabasindisa,” iNews Day icaphune uMujuru esho kanje.

Lo mholi weqembu eliphikisayo okuyiNational People's Party ukusho lokhu ngesikhathi evakashele izikhulu zeqembu lakhe esibhedlela kulandela ukubandakanyeka engozini yemoto.

OLUNYE UDABA: Kushone ubaba nendodana kuphahlazeka indiza

Uthe ukonakala kwesimo sezwe iZimbabwe kuwuphawu olukhomba ukuthi uMengameli akanendaba nezakhamuzi.

"Ungalindelani kumuntu oneminyaka engu-93 yokubala? Akasenendaba nalutho manje futhi angikholwa ukuthi usakwazi okulindeleke kuyena mayelana nokuqhamuka nezixazululo ukubhekana nezinkinga zomnotho,” kusho uMujuru.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...