OwayeyiSekela likaNdunankulu waseLesotho ubalekele kuleli esongelwa

2017-08-31 16:00

Maseru – Usekubhaceni owayeyiSekela likaNdunankulu waseLesotho ngemuva kokuthola izinsongo ngokubulawa.

Kubikwa ukuthi uMothetjoa Metsing ubalekele kuleli ngenxa yokusabela impilo yakhe.

Umbiko we-BBC uthi lo mholi ubalekele kuleli ngenxa yesimo esibucayi sokungabekezelelani kuleliya lizwe ngemuva kokuba kubulawe unkosikazi kaNdunankulu uTom Thabane.

OLUNYE UDABA:UNdunankulu uthi akumethusi ukuthi angase aboshwe

Unkosikazi kaThabane wadutshulwa wabulawa ngezinsuku ezimbili ezandulela ukubekwa kwakhe esikhundleni sobuNdunankulu ngoJuni.

Khonamanjalo, owayenguNgqongqoshe wezekuVikelwa koMbuso, uTseliso Mokhosi, usanda kuboshwa ngokubulawa kwephoyisa ngo-2016.

Isidumbu saleli phoyisa satholakala ekuqaleni kwale nyanga.

Isimo silokhu sishubile eLesotho kulandela ukhetho kulo nyaka.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...