Owancinza unkosikazi amabele uthi wayekhathele

2017-09-08 19:26

Bulawayo - Indoda yaseSakubva eyashaya inkosikazi yayo ngemuva kokuba ibiyicefezela ngocansi ivele enkantolo ngecala lodlame lwasekhaya.

UJoseph Ngorima, 50, usolwa ngokuphula umthetho, iDomestic Violence Act, wavela ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseMutare uTendai Mabwe ngoLwesine olwedlule.

UNgorima walivuma icala. Wavuma ukuncinza amabela ankosikazi wakhe kodwa waphika elokumshaya.

OLUNYE UDABA:Uyaveva unkosikazi ngomyeni olala nentombi phambi kwakhe

UNgorima watshela inkantolo ukuthi unkosikazi wakhe wayengenazwelo futhi emhlula ngamandla efuna ucansi.

"Wayesenomkhuba wokungidabule impahla yokugqoka esezongidlwengula ngesikhathi ngimncinza amabele, okuyilapho-ke angiyeka khona. Ngangikhathele, ngangingeke ngikwazi ukuzibandakanya naye ocansini, Nkosi yenkantolo kodwa engangilaleli," usho njalo.

Izinsolo zithi ngomhlaka-18 Agasti, uNgorima wafika kwakhe phakathi kwamabili, walala phansi.

Ngobusuku obulandelayo, waphinde walala phansi, unkosikazi wakhe uMarian Vhunoni wabuza ukuthi kungani emncisha amalungelo akhe asemshadweni. Ngemuva kwalokho wafuna ukuthi bazitike ngocansi kodwa uNgorima wenqaba.

"Wahluleka ukuchazela unkosikazi ukuthi kungani engafuni benze ucansi. Kunalokho wavele wamushaya wamncinza amabele waphinde wambamba ngomqala," kusho umshushisi.

Ummangali walimama kodwa akazange eye kadokotela. Udaba luhlehliselwe umhlaka-13 Septhemba.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...