Oshise i-Ex nomshana wayo uthi ulahlekelwa yingqondo uma ephuze ubhiya

2017-02-03 18:15

Harare – Isivelile enkantolo indoda eneminyaka engu-43 ubudala yaseZimbabwe ngokubulala owayeyintombi nomshana wayo ngokokhela igumbu ababelele kulo ngomlilo isebenzisa uphethiloli, kusho umbiko.

Lesi sigameko senzeke eGweru.

Ngokusho kwephephandaba iThe Chronicle, uGarikayi Zvawanda uthe, umsolwa wasola ukuthi owayeyintombi yakhe uNancy Loraine Sibanda wayenenye indoda.

OLUNYE UDABA: Kubulawe owesilisa kubangwa intombi

USibanda nomshana wakhe uCynthia Hlabangane babe lele ngesikhathi uZvawanda embombothela indlu abalele kuyo ngophethiloli ngaphambi kokuyokhela ngomlilo.

Izisulu zalimale kanzima zangeniswa esibhedlela sendawo kodwa ngeshwa zashona ngemuva kwesikhashana.

UZvawanda uliphikile icala wathi, wayephuze kakhulu utshwala ngesikhathi enza okubi.

"Nginenkinga enkulu engayiqala ngo-2014...njalo uma ngiphuze mubhiya ngilahlekelwa ingqondo," kusho uZvawanda.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...