Oshayasibhamu babulale abazalwane abangu-14

2018-01-02 12:32

Johannesburg - Oshayasibhamu babulale abazalwane ababalelwa kwabangu-14 ebebephuma enkonzweni yasebusuku ngoMsombuluko eRiver State eNigeria, kusho amaphoyisa kwi-AFP.

“Oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise kubazalwane ngabo-12:30 ekuseni ngoMsombuluko,” kusho u-Ugochi Olugbo, oyisihlobo sesinye sezisulu ebezithamele inkonzo kaNcibijane.

Isigameko senzeke e-Omoku okuyindawo engamakhilomitha angu-90 usukuka ePort Harcourt.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ubaba obulale indodakazi,3

“Abantu abangu-14 bashonele endaweni yesigameko, kanti abanye abangu-12 abathole ukulimala baphuthunyiswe esibhedlela,” kusho umthombo osondelene osemaphoyiseni, ongafunanga ukudalulwa.

Okhulumela amaphoyisa aseRivers State uNnamdi Omoni uthe isibalo sabashonile ngeke basiqinisekisa okwamanje.

“Ukhomishana wamaphoyisa, u-Ahmed Zaki, useqalise ukuthungatha abasolwa ukuze baboshwe bebhekane nengalo yomthetho,” kusho u-Omoni.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...