Osengumengameli uthi kumele usinde usudliswe ngisho ushevu ukuze ubengumengameli

2018-01-17 11:06

Harare – UMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa unikezele ngamathiphu okuba ngumengameli, ahlanganisa nokusinda kushevu nokubalekela kwelinye izwe.

Lo mholi oneminyaka engu-75 ubudala ubekhuluma nabantu baseZimbabwe abahlala eNamibia, ngoMsombuluko.

UMnangagwa enkulumeni yakhe ukubeke kwacaca ukuthi kunzima ukufinyelela esikhundleni esiphezulu, kubeka impilo yomuntu engcupheni.

"Okokuqala nje kudingeka udliswe ushevu bese uyasinda,” kusho uMnangagwa, enkulumeni yakhe ecashunwe yiHerald. "Okulandela lapho, kumele weqe umngcele. Okwesithathu udinga abantu abafana (noSibusiso) Moyo," esho.

UMnangagwa wadliswa ushevu eralini eyayihlelelwe ukweseka uRobert Mugabe kanye nomkakhe uGrace ngo-Agasti.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe othengele isisebenzi sakhe abadlwenguli

Abalandeli baMnangagwa ngaleso sikhathi bathi udliswe ushevu ngo-ice-cream.

Ngemuva kokuba uMnangagwa exoshwe nguMugabe ngoNovemba 6, esikhundleni sephini likamengameli, wabalekela eMozambique, ehamba ngonyawo.

UMnangagwa ngokuhamba kwesikhathi weza eNingizimu Afrika, nokuyilapho ahlala khona kwaze kwaba ubuyela eHarare esoyothatha izintambo zoMbuso kuMugabe.

USibusiso Moyo, osengungqongqoshe wezangaphandle, wayeyisikhulu samasosha ngesikhathi kukhishwa uMugabe esikhundleni kanti futhi uyena owamemezela kwiZBC TV ukuthi amasosha yiwona asezothatha izintambo zoMbuso ngoNovemba 15.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...