Onesikhwele ubulale unkosikazi wakhe

2016-02-12 16:03

Harare - Kubiklwa ukuthi owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala ubulale unkosikazi wakhe oneminyaka engu-25 ubudala ngembazo kubuka umfowabo omncane.

Ngokusho kwephephandaba iChronicle izihlobo zalezi zithandani zithe bezinezinkinga emshadweni wazo, uCollen Dube esola unkosikazi ngokuphinga.

Lezi zithadnazi besezishade iminyaka emithathu kanti zinezingane ezimbili.

OLUNYE UDABA: Unkosikazi usola umyeni ngokubulala indodakazi yabo

"Ubudlweno bazo abukaze bubebuhle njengoba uDube ubehlezi esola uTumelo Ncube ngokuphinga. Bebehlezi bexabana. Emasontweni amabili adlule babanokungaboni ngasolinye kwaze kwangenelela indunas yesigodi odabeni lwabo. Indodakazi yami yabuya ekhaya," kusho ubaba kaNcube uJoseph.

UJoseph uthe umkhwenyana wakhe wafika emzini wakhe ezolanda unkosiakzi nezingane ngenkani kodwa wenqaba wafuna ukuthi ahlawule imali engu-R500 njengoba ayengamhloniphi yena nendodakazi yakhe.

Ngesikhathi uDube esebuya ngosuku olulandelayo ephethe uR200 uJoseph wamtshela ukuthi akafike nomndeni wakhe atshengise ukuthi uyazisola.

Nakuba kunjalo ngezithuba zabo-04:00 ngoLwesithathu uDube wabuya wafika wangena endlini eyayilele yNcube nezingane zakhe nomfowabo oneminyaka engu-13 ubudala wamugebca ngembazo ebusweni wase ebaleka.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...