Omakoti ababili bashiye imishado beyobhala izivivinyo

2018-04-10 14:01

Lagos - Omakoti ababili abafunda enyuvesi eseNigeria bashiye phansi imishado yabo usemnandi bephuthuma ukuyobhala izivivinyo eMass Communication.  

Ngokubika kwe-CNN, laba bafundi ababili abenza unyaka wabo wokugcina basheshe bayobopha amafindo omshado nezinqandamathe zabo ngaphambi kokuphuthuma esikoleni.

Kuthiwa uDorcas Atsea noDeborah Atoh kudala bayihlela imishado yabo ngaphambi kokwazi izinsuku zokubhala izivivinyo ngoFebhruwari.

Lezi zivivinyo zahlehliswa ngenxa yokungabibikho kwezindawo ezihlelekile zokubhalela eBenue State University eNigeria.

OLUNYE UDABA: Seqile ejele isiboshwa esingawutholanga ushwele kamengameli

Ngesikhathi kumenyezelwa izinsuku ezintsha zokubhala izivivinyo zokugcina ze-"Media Ethics and Law" lokhu kwaqondana nezinsuku zomshado.

Kuthiwa laba bomakoti bafika ezikhungweni zokubhalela begqoke izingubo zabo zomshado nokuyinto eyamangaza futhi yathokozisa ozakwabo abafunda nabo.

Uthishela wabo uDkt Benjamin Ogbu ukuchaze lokhu njengento enhle nencomekayo kakhulu.

"Sijabule kakhulu ukuthi abafundi bashadile futhi bakwazile nokufika bezobhala izivivinyo zabo,"kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...