Okhuzwe ezikhulula phambi komuzi ubhixe umnikazi womuzi ngendle

2017-05-17 18:00

Bulawayo - Owesilisa wakwaBulawayo, eZimbabwe, kuthiwa uzikhulule phambi kwesango lomuzi womuntu ngaphambi kokuba athele umnikazi womuzi ngendle ebusweni ngoba ethe akasuse udoti wakhe, kutshelwa inkantolo.

UDavid Chidhakwa,42, wase-Old Magwegwe kuthiwa ubhixe u-Alois Mugeji – ongumnikazi womuzi – ngendle egcwele isandla.

UChidhakwa ngoMsombuluko uvele enkantolo yeMantshi kwaBulawayo ngecala lokushaya.

Okumangaze abaningi ukuthi umsolwa ufike enkantolo egqoke kahle, ngendlela yokuba ubungaze umphikele kulokho asolwa ngakho.

UChidhkwa uliphikile icala kodwa wagcinwa esitokisini njengoba icala bekulindeleke liqale ukuthethwa ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Owesifazane 'ubulale umshana, wamgcwaba' egcekeni

Umshushisi uRaymond Makaza uthe ngoMeyi 6 ngezithuba zabo-19:30, uMugeji wabamba uChidhakwa ezikhulula phambi kwesango lomuzi wakhe okuFort Street.

Inkantolo itshelwe ukuthi ngesikhathi uMugeji etshela uChidhakwa ukuthi akasuse udoti wakhe, wavuka umbhejazane.

Kuthiwa wathatha udoti wakhe ngezandla, wawubhixa ebusweni bukaMugeji.

Ngemuva kwalokho, kuthiwa omunye wabangani ababehamba nomsolwa washaya uMugeji ngesibhakela ebusweni, wavuvukala.

 - Chronicle

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...