Okhulelwe udayisela abesifazane umchamo wakhe

2017-08-02 19:30

Harare - Uma uxakekile ungenza noma yini ukuthola amasenti. Owesifazane onezinyanga ezingu-6 ezithwele waseGweru udayisela abanye abantu besifazane umchamo wakhe ukuze bakhohlise amasoka abo ngokuthi bakhulelwe.

USisa Sibanda ungumama wendodakazi eneminyaka emithathu ubudala nale eyodwa ezayo, kanti ubhekene nobunzima.

"Ngidayisa umchamo wami ngoba ngidinga imali. Lokhu akufani nokweba imali," kusho uSibanda.

USibanda uthi uthola imali eningi ngokwenza leli bhizinisi lapho abesimame besuke belutha khona amasoka abo.

OLUNYE UDABA:Sivaliwe isitolo sosolwa ngokudayisela abantu umchamo wakhe

"Kufanele ngithengele umntanami ongakazalwa izimpahla nezinye izidingo," usho njalo eqhuba.

Kodwa uthi lokhu kuyingozi ngoba umchamo wakhe ungase usetshenziselwe ukuthakatha ngakho uyesaba kodwa akukho angakwenza. 

"Bangangithakatha, ngiyazi kodwa umthandazo wami ukuthi bangakwenzi lokho ngoba nami ngiyabasiza."

USibanda udayisele abantu besifazane ababili umchamo ongu-300ml.

Uthi umchamo uwudayisa ngemali elinganiselwe kwengu-R65 isigubhu ngasinye. Ngokomthetho umchamo wakhe ubiza ngaphezu kukaphethiloli ngoba imali engu-R65 umuntu engathenga ngayo amalitha amathathu kaphethiloli.


 - MyZimbabwe

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...