OkaMugabe wadayiselwa indandatho engumbombayi esekhiphe izigidi

2017-10-18 14:03

Harare - Unkosikazi kaMengameli waseZimbabwe uGrace Mugabe usalwa impi yokukhokhelwa izigidi ngokudayiselwa indandatho engumbombayi.

Le ndandatho kuthiwa yamudla cishe isiidi zama-dollar kanti futhi wayidayiselwa ngusomabhizinisi waseLebanon.

Abameli bakaMugabe bafake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseHarare ngoLwesibili.

UGrace Mugabe uthi wakhokhela usomabhizinisi uJamal Joseph Ahmed u-$1.35 million dollars ngale ndandatho ngo-2015, kodwa wanikezwa umbombayi obiza u-$30 000.

OLUNYE UDABA:Unkosikazi kamengameli wathenga indandatho ka-R21m

Uthi u-Ahmed usambuyisele imali engango-$120 000.

UMugabe ufuna inkantolo idle izakhiwo kanye namabhizinisi kalo somabhizinisi akuleli lizwe ukuze akwazi ukumkhokhela imali yakhe.

"Yize kukudala eyalelwa ukuba akhokhe, lo somabhizinisi uhlulekile ukukhokha yonke le mali, ngakho-ke ayikho enye indlela okungenziwa ngayo ngaphandle kokuya enkantolo," kusho abameli ngamaphepha afakwe enkantolo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...