Ogwetshelwe ukudlwengula inkomo wadlwengula isalukazi nengane, 2

2016-10-20 18:04

Nairobi - Kuboshwe indoda ngecala lokudlwengula ngemuva kwezinsolo zokudlwengula isalukazi nentombazane esencane, kusho amaphoyisa aseKenya.

Amaphoyisa aseMathioya athe abophe indoda eneminyaka engu-36 ubudala ogama layo nguSamuel Thiong'o ngemuva kokusolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-98 ubudala nentombazane eneminyaka engu-2 ubudala.

OLUNYE UDABA: Ona-17 udlwengule inkukhu

Umzala kaloyo osolwa ngamacala uStephen Macharia, 19, uthe uzwe ukuthi ugogo wakhe ememeza efuna usizo ngoLwesibili ngezithuba zabo-19:00.

UMacharia ugijime waya kugogo wakhe egumbini lakhe la afice khona uThiong'o emdlwengula. Ngesikhathi uThiong'o ebona ukuthi usebanjiwe uvele wabaleka endaweni yesigameko.

UThiong'o ube esebamba ingane, 2, engwaqeni wayidlengula. Eminyakeni emithathu, uThiong'o waboshwa ngemuva kokubanjwa esedlwengula inkomo.

Wagwetshwa iminyaka emibili ebhadle ejele ngokuhlukumeza isilwane.

 - wwwn

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...