Ogaqele esikamengameli uthi uzonciphisa iKhabhinethi uma ekhethwa

2017-11-01 17:59

Harare – Ogaqele isikhundla sokuba ngumengameli waseZimbabwe uNkosana Moyo wethembise ngokwehlisa isibalo seKhabhinethi asibeke ku-16 uma engakhethwa abengumengameli wezwe, kusho umbiko.

Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, uMoyo ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nentsha eHarare.

UMoyo ozobe emele i-Alliance for People's Agenda (APA) okhethweni uthe isibalo soNgqongqoshe ababalelwa kwabangu-70 kwiKhabhinethi singukumosha imali yabakhokhi bentela.

UMoyo wethembise ngokuthi uma engaba ngumengameli olandelayo, uhulumeni wakhe uzokwenza isiqiniseko sokuthi unamalungu ekhabhinethi angedlulile kwangu-20.

OLUNYE UDABA: UTsvangirai usebuyele kuleli ukuzothola usizolwezempilo

"Ngizosinciphisa isibalo. Ngizosehlisa ngenze isiqiniseko sokuthi iKhabhinethi linabantu abangevile kwabangu-20. Empeleni, sesizenzile izibalo, safinyelela ku-16.

"Ngikhuluma ngo-20 ngoba ngenzela uma kwenzeka kubanezinye izinto engingazinakanga,” ngokusho kombiko.

UMoyo phambilini uthe uMengameli Robert Mugabe nembangi yakhe uMorgan Tsvangirai abakulungele ukungenela ukhetho luka-2018.

Uthe uMugabe noTsvangirai kumele ngabe sebadingiswa kwezepolitiki ngenxa yokuhlala begula njalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...