'Ngizobuyela ekhaya uma kuqinisekiswa ukuphepha kwami,' uMnangagwa utshela uMugabe

2017-11-21 12:30

Cape Town – Lowo owayeyisekela likamengameli eZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa useqinisekisile ukuthi lowo obengumphathi wakhe uMengameli Robert Mugabe usexhumanile naye wamcela ukuba abuyele ekhaya ukuzodingida ngokuqhubeka ezweni.

Esitatimendeni sangoLwesibili, uMnangagwa owaxoshwa nguMugabe esikhundleni ayesibambile kuhulumeni ngomhlaka-6 Novemba, umile kwelokuthi ngeke abuyele ekhaya kuze kube uyeneliseka ngezinhlelo zokuphepha kwakhe.

"Ngimtshelile umengameli ukuthi ngeke ngibuyele ekhaya okwamanje, kuze kube ngiyagculiseka ngokuphepha kwami ngenxa yendlela engaphathwa ngayo ngesikhathi ngixoshwa.

"Ngenxa yokwenzeka ngemuva kokuthi ngixoshwa kwami ngomhlaka-6 Novemba 2017 ngo-16;00, ngaphucwa onogada ababengiqapha lokho kungenza ukuthi ngibe manqika," kusho uMnangagwa esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: UMugabe kumele alalele abantu ehle esikhundleni - Mnangagwa

UMnangagwa uthi lokhu "kuyaphambana nenqubo ekhona eZimbabwe ngalabo ababengamasekela kamengameli mayelana nezokuphepha".

Uqhube ngokuthi ngemuva nje kancane kokuxoshwa kwakhe, waxwayiswa ngabezokuphepha ukuthi "kunezinhlelo zokumsusa" uma eseboshiwe wayiswa esiteshini samaphoyisa.

"Ngashiya izwe ngenxa yokwesabela ukuphepha kwami."

Isitatimende sikaMnangagwa siza ngemuva kokuthi umkhuzi wamasosha uConstantino Chiwenga ethe kunenqubekelaphambili ekhona ngezingxoxo zokuthi uMugabe ashenxe esikhundleni.

UChiwenga naye uke waveza ukuthi uMugabe uxhumana noMnangagwa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...