Nasi isizathu esenze uGrace Mugabe wahlasela uGabriella

2017-08-20 17:33

Johannesburg – Sekuqubuke amahlebezi athi ukuthola amadodana akhe edla izidakazwa nowesifazane asolwa ngokumshaya, yikho okwenze uGrace Mugabe wavuka umbhejazane.

Iphephandaba iSunday Sun liveze izinsolo ezithi uGrace ubhadame amadodana akhe noGabriella Engels bedla izidakamizwa ehhotela wathukuthela maqede wabashaya.

Ngokusho kombiko weZim-News.net, uGrace ufake incwadi efungelwe esiteshini samaphoyisa esola u-Engels ngokuhlinzeka amadodana akhe ngezidakaizwa.

UGrace kule ncwadi efungelwe uveze ukuthi amadodana akhe agadiwe ngakho awakwazi ukuzithengela izidakamizwa, yingakho abesebenzisa u-Engels.

OLUNYE UDABA: Usebuyele kwelakubo uGrace Mugabe ngemuva kokuthola ushwele

Eminye imithombo ithi u-Engels ubesanda kubandakanyeka kwesinye isigameko sokulwa endaweni yokujuxuza ngosuku olwandulela olokuhlaselwa kwakhe uGrace.

“UGabriella waziwa njengomuntu othanda ubumnandi novusa umsindo uma esephuzile,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe kade ahamba kubo kanti ubuyele kumama wakhe ngoba nakhu esesenkingeni.

Lithe lisa elanamhlanje kwazwakala ukuthi uGrace ubuyele eZimbabwe ngaphandle kokuzinikela emaphoyiseni njengoba kwakubikiwe ngaphambilini.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...