Lushonile usana okusolakala ukuthi beluhlukunyezwa ngabazali

2017-12-03 09:01

Providence – Usana obeluphefumula ngemishini kusukela ngo-Ephreli, ngesikhathi abazali balo beboshwa, lugcine lushonile kanti izikhulu zikholelwa ekutheni ubaba walo wabalekela eNigeria.

Ngokusho kombiko weProvidence Journal uTobi Olawusi onezinyanga ezingu-11 ubudala ushone ngoLwesithathu eseHasbro Children's Hospital.

Izikhulu zithi ubaba wakhe, u-Olalekan Olawusi, kusolakala sengathi akayihloniphanga imibandela yebheyili. Wayebekwe icala lokuhlukumeza ingane.

Le ngane ibiyingxenye yophenyo lwephephandaba mayelana nemigudu elandelwa wuhulumeni yokuvumela izingane ezincane ukuba ziqhubeke nokunakekelwa ngabazali bazo yize noma kunobufakazi bokuthi kazihleli kahle emakhaya.

OLUNYE UDABA: Lushonile usana olunezinyanga luzelwe olulunywe yinja lusendlini

Umama wale ngane, u-Arinola Olawusi, wawaphika amacala okuba nesihluku kanye nokungayinakekeli ingane.

Amaphephandaba abika ukuthi uTobi wafika esibhedlela ephuke amathambo, ugebhezi lwekhanda lunendawo echachambile futhi enezibazi zokulunywa ngamazinyo omuntu.

Amaphoyisa aseProvidence athi enza imizamo yokuthi u-Olalekan Olawusi abuye azobhekana namacala akhe.

Ummeli wakhe akazange atholakale ngokushesha ukuba aphawule.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...