Liyabashonela abangashadile njengoba umnqamulajuqu usondela

2017-11-06 19:22

Bujumbura - Izithandani ezingashadile zibekelwe umnqamulajuqu wokuphela konyaka ka-2017 ukuba zenze ubudlelwano bazo bube semthethweni, kusho uhulumeni waseBurundi.

Uhulumeni uthi lo mnyakazo uyingxenye yokubuyisa isimilo ezweni.

Lo myalo wakhishwa ngoMeyi nonyaka kulandela umkhankaso owawuqhutshwa nguMengameli Pierre Nkurunziza "wokuvuselela isimilo emphakathini" lapho anxusa khona abantu baseBurundi ukuthi batshengisane uthando ngokuthi bashadane.

Kusukela lapho, uhulumeni ulokhu ufake njalo ingcindezi kulabo abangashadile ukuba baphuthume ngoba isikhathi sesidliwe yinja.

UTerence Ntahiraja, okhulumela uNgqongqoshe wezangaPhakathi, ngaleso sikhathi watshela i-AFP ukuthi iBurundi ibhekene nokukhula ngesivinini kwesibalo sabantu ezweni.

OLUNYE UDABA: Nali ithuba lokuzitholela umaqondana olethulelwa uLaMbokazi

Wathi kulokhu basola imishado engekho emthethweni, ukukipita, isithembu, abantu abashada nabantu abaningi ngesikhathi esisodwa kanye "namakhulu ezingane zesikole ezikhulelwayo".

Ngokusho kombiko we-Al Jazeera uMengameli wasayina umthetho lapho uhulumeni uzibophezela khona ekuvikeleni abantu besifazane uphinde uqikelele ekutheni baphila emphakathini onesimilo.

Uhulumeni ugcizelela ekutheni iphepha lomshado liyasiza ekuvikeleni abantu besifazane kanye nezingane zabo, ikakhulukazi uma kuziwa ezindabeni zamafa.

Nokho-ke, abanye bathi lo mthetho omusha womshado ufinyeza amalungelo abanye ezenkolo, amasiko kanye nosikompilo njengoba amadoda anesithembu ekhala ngokuthi ngeke kube kuhle ukuthi umthetho wazise unkosikazi oyedwa kuphela, laba abanye bashaywe ngesithende.


- Aljazeera

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...