Lishone kabuhlungu ikhehla eliqotshwe ngoKhisimusi

2017-12-27 19:30

Uganda - Isigameko sokubulawa kwekhehla elineminyaka engu-80 ngesihluku kushaqe izakhamuzi zase-Uganda.

Lokhu kwenzeke ngosuku lwenjabulo lapho kuhlanganyele khona imindeni nabangani kuthokozelwa uKhisimusi.

Ngokubika kwephephandaba iDaily Monitor, uJoseph Sonko uhlaselwe esekhaya lakhe endaweni yaseByabuku eBuikwe District.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owathumba ishende likankosikazi

Akukacaci kahle ukuthi bekwenzenjani kuze kuhlaselwe leli khehla eliqotshwe laba yizicubu, izitho zakhe zangasese zitholakale zifihlwe epulasitikini.

Bahlanu abantu abaphekwa ngemibuzo mayelana nelesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa aseSsezibwa uHellen Butoto uthe: "Sinabasolwa abahlany abaphekwa ngemibuzo mayelana nokuhlaselwa kwaleli khehla ngesihluku. Bonke laba basolwa abakuyo le ndawo okwenzeke kuyo lesi sigameko.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...